Njengoba ungeniswe Kumbuthano Kazwelonke njengomthethosivivinywa wesigaba sama-75; incazelo efingqiwe Yomthethosivivinywa ishicilelwe KuGazethi KaHulumeni yeNo.
Ukunikeza ukutholakala , ubunini, ukuncibilikisa, ukucolisa, ukunikeza aabafanele, ukusetshenziswa kanye nokulahlwa kokusansimbi okuyigugu; kanye nokunikeza amasu abhekebe naloku.
umkhiqizi usho noma yimuphi umuntu onemvume noma ilungelo lokuphumelelisa noma ukumayina okusansimbi okuyigugu ngokulandela Umthetho Wokuthuthukisa Imithombo KaPhalafini Wamalambu kanye namaMinerali, ka-2002 Umthetho WeNo.
a okusansimbi okuyigugu i okungacwengiwe ii okuyigolide ecwengiwe ukuthi icwebe kuze kufinyelelwe kuma-99,95% noma ngokusansimbi kweqembu lepulathinamu okuye kwacwengwa kwafinyelela kuma-99,90% futhi akuzange kungenele enye inqubo yokukhiqizwa ngaphandle kokucwengwa nokwakhiwa kwenziwa ibha kodwa hhayi ibha emintiwe, isigaxa sensimbi/segolide, inkinobhu, ucingo, ipuleti, isiponji, izinhlamvu, okujiyile, okulula, uketshezi' okuncibilikisiwe nanoma yisiphi isimo esifanayo; noma b nanoma yiyiphi I-athikili noma okokwenza okuqukethe noma okwakhiwe ngokwenzimbi okuyigugu okucatshangwe esigabeni- a kodwa kungafaki nanoma yiyiphi i-athikili enothando ngezifundo zezonto zakudala noma eye yenziwa noma yakhiqizelwa ukusetshenziselwa okukodwa noma okuningi okucacile kwezimboni, ezobungcweti noma ukusetshenziselwa ubuciko.
d ethole isitifiketi Kumlunganisi omnikeze imvume yokuthola noma ukulahla okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe; noma e okuyigugu okungasetshenzisiwe okunje kungedluli isisindo esibekiwe futhi kutholakale ngemvumeekhethekile enikezwe ngyumlunganisi ngezinloso zesayensi noma ukunikeza ubunini noma ukwenza ijuwelari.
Umlunganisi anganikeza kuphela isitifiketi esicatshangwe kusigatshana 1 d kumuntu oxhumana Nomnyango Wezimali Kahulumeni, ngokuphathelene negolide, kanye Nokhomishina kazwelonke wamaPhoyisa AseNingizimu Afrika noma umuntu ogunyazwe yilowo Khomishina.
Ngumuntu kuphela ocatshangwe esigatshaneni 1 a, c, noma u-e ongakwazi ukwenza, ukuncibilikisa noma ukuguqula uhlobo lwanoma yikuphi okusansimbi okuyigugu okungasesthenzisiwe anako ngokulandela leso sigatshana.
e okuyigugu okungabunjiwe ngokuphelele okunje kungedluli isisindo esibekiwe futhi kutholakale ngemvumeekhethekile enikezwe ngyumlunganisi ngezinloso zesayensi noma ukunikeza ubunini noma ukwenza ijuwelari.
f Uma enelayisense yokuba ngumnini wokusansimbi okuyigugu;noma g Enemvume yokuba yijuwela.
a ocatshangiwe esigatshaneni esiku 1; noma b ephethe okusansimbi okuyigugu okunje ngokugcwalisa ikontileka yokuqashwa nanoma yimuphi umuntu ocatshangwe esigatshaneni soku-1.
Akekho umuntu ongethula okusansimbi okuyigugu okungabunjiwe ngokuphelele ukukhokhela isikweletu sakhe, noma sanoma yimuphi omunye umuntu noma ngokubhekela insiza enikeziwe noma okumele inikezwe nguye noma nanoma yimuphi omunye umuntu.
akumele abhekele ukwenza kufinyelelwe ngokulinganayo kanye nobunini babantu bendawo bokusansimbi okuyigugu; kanye bnokuba nokunaka kwezidingo ze-Charter ezesekwe kububanzi bokunikeza amandla kwezenhlalonhle nezomnotho okuthuthukiswe ngokulandela isigaba se-100 Somthetho Wokuthuthukisa Imithombo Yamaminerali Nophethiloli wezibani, ka-2002 Umthetho WeNo.-28 ka-2002.
Noma yiyiphi inqubo yokuphatha eyenziwe noma isinqumo esithathwe ngokulandela Umthetho kumele kwenziwe noma kuthathwe ngokulandela Umthetho Wokuthuthukisa ukuphathwa Kwezobulungisa, ka-2000 Umthetho WeNo.3 ka-2000, ngaphandle kokuthi kunikeziwe kulo Mthetho.
i ngokulandela izimo zelayisense yakhe nemibandela yalo Mthetho kuMinti yaseNingizimu Afrika noma yinoma yimuphi umthengisis onikezwe imvume; noma ii ohlotsheni lokubunjwe ngokungaphelele kumphathi onelayisensi yonikeza ubunini yokusansimbi okuyigugu noma ophethe imvume yokuba yijuwela.
c khipha okusansimbi okuyigugu kunoma yikuphi kokwenza, okokwenza noma okuncibilikiswayo akuphethe ngokusenmthethweni bese elakulahla ngokulandela izimo zelayisense nemibandela yoMthetho; noma d ukuthenga noma ukuthola kophethe ilayisense yokucwenga, umthengisi onikezwe imvume noma umkhiqizi nanoma yikuphi kokwenza, okwenziwe noma okuncibilikiswayo okusansimbi okuyigugu noma ukukhipha kuloku kokwenza, okwenziwe noma okuncibilikiswayo okusansimbi okuyigugu okuphethe bese ulahla okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe ngokulandela lo Mthetho.
b ukutshela uMlunganisi ukuthi anikeze ilayisense enjalo kuloyo muntu, uma kuphumelela imibandela yalesi sigaba; noma c enza noma yiyiphi i-oda ayibona ifanele.
Ngaphambi kokuba umlunganisi anikeze ilayisense yokucwenga ofake isicelo selayisense kumele akhokhe izindleko ezibekiwe.
ilayisense yokucwenga iyaphela ngokulandela izimo eyayinikezwe ngaphansi kwazo.
Umphathi welayisense yokucwenga akakwazi ukwenz yinoma yimuphi umsebenzi onikezwe imvume yilayisense kunoma yiyiphi indawo noma endaweni yokusebenzela echazwe yilayisense noma echazwe yimvume yelayisense ngokulandela isigatshana se-6, futhi oyiphethe akakwazi ukuphatha okusansimbi okuyigugu kunoma yiyiphi indawo ngaphandle kwasendaweni yakhe yokusebenzela noma endaweni echaziwe ngaphandle uma ethutha okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe ngokulandela isigaba se-11.
a Uma nganoma yisiphi isikhathi kuba nesidingo sokuthi ophethe ilayisense yokucwenga yokudlulisa noma ukwandisa imisebenzi ecatshangiwe esigatshaneni sesi-5 kunoma yiyiphi indawo yokusebenzela noma indawo engachaziwe kulayisense yakhe Umlunganisi emva kokuxhumana njengokucatshangiwe esigatshaneni soku-1, angakwazi ukuvuma phezu kwelayisense isimo sendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe futhi kumele ukusuka lapho azise Umnyango Wezimali ZikaHulumeni kanye NoKhomishina Kazwelonke Wombutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika ngemvume ngokubabhalele, njengoba kufanelekile.
bImvume ecatshangiwe esigabeni aayinikeze ophethe ilayisensi yokucwenga ukube enze omunye umsebenzi kwenye indawo enegama elehlukile kuleli laleyo ndawo ekhona yokusebenzela.
c Uma ophethe ilayisense yokucwenga efisa ukwenza umsebenzi kunoma yiyiphi enye indawo ngaphansi kwegama elehlukile kulelo elisetshenizwa endaweni akuyo, kumele afake isicelo selayisense entsha ngokuhambisana nendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe.
a Umlunganisi , emva kokuxhumana njengoba kucatshangwe esigatshananeni soku-1, angakwazi ukunikeza kabusha ilayisense ukufika ezikhathi eziqhubekayo okungafinyelelwa eminyakeni engama-25, unyaka ngamunye uma nje kukhokhwa izindleko ezifanele uma isicelo sokunikeza kabusha esifana nalesi senziwa ezinsukwini ezingama-30 ngaphambi kokuphela kwelayisense.
Uma a yinoma yisiphi isicelo ngaphansi kwesigatshana se-7 sokuthopla kabusha ilayisense yokucwenga senqatshelwa Ngumlunganisi bese kungabi nokubuyekeza noma isikhalo esifakiwe maqondana naloku kunqatshelwa noma yinoma yikuphi ukubuyekezwa noma isikhalo ezinjalo sizochithwa.
c noma yiyiphi ilayisesnse ecishiwe ngaphansi koMthetho; noma d imisebenzi ephathelene nale layisense imiswa ngokungaguquki, umphathi welayisense kumele azise Umlunganisi ngesisisndo sanoma yikuphi okusansimbi okuyigugu akuphethe ngenkathi ilayisesne iphelelwa yisikhathi noma yenqatshelwa noma yacishwa noma imisebenzi enjena yamiswa, futhi kumele alahle okusansimbi okuyigugu okunje ngokulandela umthetho ezinsukwini ezingama-30 emva kokwazisa oku noma ngaphakathi nezikhathi ezinde njengoba kungavunyelwa Ngumlunganisi.
a ukuthenga noma ukuthola okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele nganoma yisiphi isimo kunoma yimuphi umuntu onikezwe amandla nguMthetho ukuthengisa, ukusebenzisana noma ukul;ahla okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele; kanye b nokuguqula isimo nokufaka ionani nganoma yiyiphi indlela kokusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele akuphethe ngokusemthethweni.
b ukutshela uMlunganisi ukuthi anikeze ilayisense enjalo kuloyo muntu, uma kuphumelela imibandela yalesi sigaba; noma c enza noma yiyiphi i-oda ayibona ifanele.
Ngaphambi kokuba umlunganisi anikeze ilayisense yokucwenga ofake isicelo selayisense kumele akhokhe izindleko ezibekiwe.
Ilayisense yokunikeza ubunikazi ayinikezi umphathi ilungelo lokuyofuna okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe ngaphandle kokunikezwa imvume excatshangiwe esigabeni se-21 e.
ophethe ilayisense yokunikeza ubunini kumele agcine izincwadi ezifanele zama-akhawunti ngokulandela imithetho esetsheniswayo jikelele futhi kumele alethe ulwazi olunje njengoba kubekwe ngumlunganisi njalo ngonyaka ngaphambi kokuphela kwezinsuku eziyi-90 emva kokuphela konyaka wezimali webhizinisi yakhe.
Ilayisense yokusansimbi okubunjwe ngokungaphelele iphela ngokulandela izimo nezehlakalo enikezwe ngaphansi kwazo.
Ophethe ilayisense yokunikeza ubunikazi yokusansimbi okuyigugu akakwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi onikezwe imvume yilayisense kwenye indawo noma indawo yokusebenzela ekulayisense noma echazwe yinoma yiyiphi imvume yaleyo layisense ngokulandela isigatshana se-8, futhi oyiphethe akumele abe ephethe okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele kunoma yiyiphi enye indawo kunaleyo echaziwe uma kuphela ethutha loku okusansimbi okuyigugu ngokulandela isigaba se-11.
aUma nganoma yisiphi isikhathi kuba nesidingo sokuthi ophethe ilayisense yokunikeza ubunini bokusansimbi okuyigugu njengoba kuchazwe ngaphansi kwesigatshana se-7 kunoma yiyiphi indawo noma indawo yokusebenzela echazweyilayisense yakhe Umlunganisi angavumela kulayisense isimo sendawo yokusebenzela entsha noma engeziwe futhi kumele azise uKhomishina Kazwelonke Wombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngokumbhalela amazise ngemvume.
b Ukuvuma okucatshangwe esigabeni a akuvumeli ophethe ilayisense yobunini bokusansimbi okuyigugu ukuthi enze umsebenzi ukusuka endaweni noma endaweni yokusebenzela eyengeziwe ngaphansi kwegama elehlukile kulelo alisebenzisa endaweni noma endaweni yokusebenzela yamanje.
c Uma ophethe ilayisense yokunikeza ubunini efisa ukwenza umsebenzi kunoma yiyiphi enye indawo ngaphansi kwegama elehlukile kulelo elisetshenizwa endaweni akuyo, kumele afake isicelo selayisensi entsha ngokuhambisana nendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe.
a Umlunganisi angakwazi ukunikeza kabusha ilayisense yokunikeza ubunini ngokuqhubekayo esikhathini esingedluli iminyaka eyi-10, unyaka ngamunye uma nje kukhokhwa izindleko ezifanele uma isicelo sokunikeza kabusha esifana nalesi senziwa ezinsukwini ezingama-30 ngaphambi kokuphela kwelayisense.
a ukuthenga noma ukuthola okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele nganoma yisiphi isimo kunoma yimuphi umuntu onikezwe amandla nguMthetho ukuthengisa, ukusebenzisana noma ukul;ahla okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele; kanye b nokuguqula isimo nokufaka inani nganoma yiyiphi indlela kokusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele akuphethe ngokusemthethweni.
b ukutshela uMlunganisi ukuthi anikeze imvume enjalo kuloyo muntu, uma kuphumelela imibandela yalesi sigaba; noma c enze noma yiyiphi i-oda ayibona ifanele.
Ngaphambi kokuba umlunganisi anikeze imvume yobujuwela ofake isicelo semvume kumele akhokhe izindleko ezibekiwe.
Imvume yobujuwela ayinikezi umphathi ilungelo lokuyofuna okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe ngaphandle kokunikezwa imvume ekhethekile ecatshangwe esigabeni se-21 e.
aUmlunganisi angenza kabusha imvume yejuwela esikhathini esiqhubekayo ezingedluli eminyakeni emihlanu emva kokukhokhwa kwezindleko ezifanele uma isicelo sokwenza kabusha sifakwe okungenani ezinsukwini ezingama-30 ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi kwemvume.
b Isigatshana sesi-2 sihambisana nezinguquko ezidingekayo ngokuphathelene nokwenqatshelwa NguMlunganisi nganoma yisiphi isicelo ngokuhambisana nesigaba a.
a yinoma yisiphi isicelo ngaphansi kwesigatshana se-6 sokuthola kabusha imvume yobujuwela senqatshelwa Ngumlunganisi bese kungabi nokubuyekeza noma isikhalo esifakiwe maqondana naloku kunqatshelwa noma yinoma yikuphi ukubuyekezwa noma isikhalo ezinjalo sizochithwa.
c noma yiyiphi imvume yobujuwela ecishiwe ngaphansi koMthetho; noma d imisebenzi ephathelene nale mvume imiswa ngokungaguquki, umphathi wemvume kumele azise Umlunganisi ngokufunga ngesisisndo sanoma yikuphi okusansimbi okuyigugu okungabunjiwe ngokuphelele ayekuphethe ngenkathi imvume yakhe iphelelwa yisikhathi noma yenqatshelwa noma yacishwa noma imisebenzi enjena yamiswa, futhi kumele alahle okusansimbi okuyigugu okunje ngokulandela uMthetho ezinsukwini ezingama-30 emva kokwazisa oku noma ngaphakathi nezikhathi ezinde njengoba kungavunyelwa Ngumlunganisi.
Ophethe imvume yobujuweli kumele agcine izincwadi ezifanele zama-akhawunti ngokulandela imithetho esetsheniswayo jikelele futhi kumele alethe ulwazi olunje njengoba kubekwe ngumlunganisi njalo ngonyaka ngaphambi kokuphela kwezinsuku eziyi-90 emva kokuphela konyaka wezimali webhizinisi yophethe.
Ophethe imvume yobujuwela yokusansimbi okuyigugu akakwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi onikezwe imvume yilayisense kwenye indawo noma indawo yokusebenzela ekumvume noma echazwe yinoma yiyiphi imvume yaleyo mvume ngokulandela isigatshana se-10, futhi oyiphethe akumele abe ephethe okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele kunoma yiyiphi enye indawo kunaleyo echaziwe uma kuphela ethutha loku okusansimbi okuyigugu ngokulandela isigaba se-11.
aUma nganoma yisiphi isikhathi kuba nesidingo sokuthi ophethe imvume yobujuwela bokusansimbi okuyigugu njengoba kuchazwe ngaphansi kwesigatshana se-9 kunoma yiyiphi indawo noma indawo yokusebenzela echazwe yimvume yakhe Umlunganisi angavumela kulayisense isimo sendawo yokusebenzela entsha noma engeziwe futhi kumele azise uKhomishina Kazwelonke Wombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngokumbhalela amazise ngemvume.
b Ukuvuma okucatshangwe esigabeni a akuvumeli ophethe imvume yobujuweli bokusansimbi okuyigugu ukuthi enze umsebenzi ukusuka endaweni noma endaweni yokusebenzela eyengeziwe ngaphansi kwegama elehlukile kulelo alisebenzisa endaweni noma endaweni yokusebenzela yamanje.
c Uma ophethe imvume yobujuwela efisa ukwenza umsebenzi kunoma yiyiphi enye indawo ngaphansi kwegama elehlukile kulelo elisetshenizwa endaweni akuyo, kumele afake isicelo selayisensi entsha ngokuhambisana nendawo noma indawo yokusebenzela eyengeziwe.
Ukuya ngokushiwo esigatshaneni sesi- , akekho umuntu ongangenisa kuRiphabhuliki noma yikuphi okusansimbi okuyigugu okungasetshenziswanga noma okubunjwe ngokungaphelele.
a Umlunganisa angakwazi, ngokubhekana nezimo ezinje njengoba kubekiwe nangemuva kokuxhumana NioMnyango Wezezimali Kahulumeni, anikeze umthengisi osemthethweni noma ophethe ilayisense yokucwenga efomini elibekiwe imvume evumela umcwengi onjena noma umthengisi osemthethweni ukungenisa kuRiphabhuliki noma yikuphi okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe noma okubunjwe ngokungaphelele.
b Umthengisi onikezwe imvume noma ophethe ucabange esigabenisika-a kume azise, futhi kumele afake imibhalo ewubufakazi, yokubonisa indawo lapho kuvela khona okusansimbi okuyigugu Kumlunganisi kusicelo semvume.
Umlunganisi noma elinye ilungu Lombutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika angakwazi ukuthi nganoma yisiphi isikhathi ukuhlola noma yikuphi okusansimbi okuyigugu okucatshangwe esigabeni se-2 bese uthatha isampula enje njengoba kujwayelekile ukumisa noma aqinisekise ukuqalisa kanye negqikithi yokusansimbi okuyigugu.
Imvume enikeziwe ngokulandela isigatshana se-2 kumele isho ukuthi okusansimbi okuyigugu okuphathekayo kuvelaphi, inloso yokukungenisa ezweni kanye neminye imininingwane enjalo njengoba kubekiwe.
c iphikisana noma yehluleka ukulandela imibandela yalo Mthetho; noma d eboshelwe icala elithile ngokuphathelene nalo Mthetho.
Akekho umuntu ongakhipha ezweni igolide engasesthenzisiwe noma engabunjiwe ngokuphelele ngaphandle uma ethole imvume Yomnyango Wezimali Kahulumeni ngokulandela Imiyalelo Yokuhambisa Ukushintshiselana okwenziwa ngaphansi koMthetho Wezimali kanye Nokushintshiselana, kuka-1933 (Umthetho WeNo.9 ka-1933), okunikezwa ngokuvumelana noNgqongqoshe.
Akekho umuntu ongaklhipha ezweni kwanoma yikuphi okusansimbi okuyigugu noma okubunjwe ngokungaphelele kweqembu lwamaplathinamu ngaphandle kwemvume ebhalwe phansi evela kuNgqongqoshe enikezwe emuva kokuxhumana NoMphathi weBhangi i-Reserve.
Umthengisi osemthethweni angathenga okusansimbi okuyigugu nganoma yisiphi isimo nakunoma yimuphi umuntu ukulahla okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe noma okubunjwe ngokungaphelele ngokulandela lo Mthetho emva kokuthi umuntu onje ubonise umthengisi ilayisense, imvume noma isitifiketi esinikeza umuntu imvume yokulahla okusansimbi okuyigugu.
Lapho umsebenzi wokuthengisa wenziwa ngaphakathi komthengisi osemthethweni kanye nophethe isitifiketi esiphathekayo esigabeni se-21d noma 31d noma imvume ekhethekile ephathekayo esigabeni se-2 1e noma 31e efana nesitifiketi noma imvume kumele inikezwe futhi igcinwe ngumthengisi osemthethweni ngesikhathi esizobe sibekiwe.
Nanoma yimuphi umphathi welayisense yokucwenga, umthengisi osemthethweni noma umkhiqizi odiphosithelwa ukugcinwa, ethola, ikhipha noma okungenani alahle okusansimbi okuyigugu nokubunjwe ngokungaphelele kumele agcine irejista eyiqiniso nefanele ukubhaliswa efomini eklibekiwe nangesikhathi esibekiwe sako konke okusansimbi okuyigugu okudiphozithiwe, kwatholakala, kwahanjiswa noma kwalahlwa nguye.
Intengo, uma ngabe ikhona, etholiwe noma ekhokhiwe.
a ngamakwata kumele unikeze Umlunganisi amakhophi eyiqiniso angamabili okubhaliswa okunje ekwateni eledlule, ngokuhlangene nokuqinisekiswa noma ukwazisa okusemthethweni kokulungile kwaloko; kanye b nokukhiqizwa nokubonakala kokubhaliswa okunje uma kuceliwe ukuba kwenziwe yinoma yiluphi ilungu Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ephethe isikhundla esingaphezu kwesikasajeni.
e Ukufuna ukukhiqizwa kokuhlola noma yiyiphi ilayisense, imvume, isitifiketi noma umbhalo ofanele ukuhlola;kanye f Nokuthatha amasampula anomayikuphi kokwenza okufanele ukuhlola.
c anikeze ukusiza okunje njengoba kuzodingwa yilungu ukuze likwazi ukwenza umseebnzi walo ngokulandela uMthetho ngempumelelo.
Ngaphambi kokubuza noma yimuphi umuntu endaweni yokusebenzela ephathekayo, ilungu Lombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kumele leluleke loyo muntu ngamalungelo akhe kusizwa ngalesi sikhathi ngummeli noma ugcwetha, avumele loyo muntu ukuthi asebenzise ilungelo lakhe.
Incwadi yokuboshwa ingabekwa ukuvinjelwa kwamandla elungu Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.
b kumele yenziwe ngosuku ngaphandle kokuthi umuntu oyinikezile enikeza ukususwa kwayo ngobusuku.
Ngenhloso yalesi sigaba "indawo yokusebenzela" isho noma yisiphi isakhiwo noma ibhilidi nomaitende ngokuhlangene nomhlaba okubekwe kuwo loku kanye nomhlaba osondelene nawo owenza loku osesthenziswa ngokuhambisana ofaka noma yimuphi umhlaba ngaphandle kwanoma yiyiphi ibhilidi, isakhiwo noma itende nanoma yiyiphi enye imoto, indiza, umkhumbi noma yinoma yisiphi isithuthi sokuhambisa.
a asakazwe ngokuzwakalayo ukuthi unemvume yokungena endaweni yokusebenzela afune aphoqelele ukuvunyelwa ukungena b azise umuntu ophethe indawo yokusebenzela ngenhloso yokungena, ngaphandle uma kukhona ubufakazi obusekelwe bokukholela ekutheni ukumemeza okunjalo kungafaka inhloso yaloku kucinga esimweni esibucayi.
Ilungu Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika lingakwazi ukulwa nokuzabalaza ekungeneni nasekucingeni lisebenzisa amandla adingekayo, kufakwa nokuphulwa komnyango noma amafasitela endawo yokusebenzela.
a uma umuntu okwaziyo ukwenza njalo enikeza imvume yomseebnzi onje; noma b kukhona ubufakazi obunesisekelo bokukholela ukuthi incwadi yokuboshwa izonikezwa ngokulandela isigaba se-145 kanye nokuthi ukumosa isikhathi ekutholeni incwadi yokubopha kuzakufaka inhloso ebucayini.
c ngobubi abeke noma yikuphi okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe endaweni yokusebenzela yanoma yimuphi umuntu ngamabomu ukuze loyo muntu abanjwe ngaphansi koMthetho, unecala futhi angaboshwa akhokhiswe inhlawulo engedluli isigidi esisodwa amarandi noma afakwe ejele iminyaka engedluli kwengama-20 noma kokubili inhlawulo kanye nokuboshwa.
c engumthengisi osemthethweni ngokucatshangwe kusigaba 122 kodwa owehluleka ukuthola nokugcina isitifiketi noma imvume okucatshangwe ngayo kulesiya sigaba; noma d ehluleka ukulandela noma yisiphi isicelo esisemthethweni sokukhipha nokuveza irejista noma izincwadi ezifanele ze-akhawunti okumele zigcinwe nguye ngokulandela uMthetho, unecala futhi angaboshwa akhokhiswe inhlawulo engedluli izinkulungwane ezingamakhulu amahlanu amarandi noma afakwe ejele iminyaka engedluli kweyi-10 noma kokubili inhlawulo kanye nokuboshwa.
Uma yinoma yimuphi umuntu eboshiwe ngokulandela isigatshana soku 1 noma sesi-2 ngenkathi eboshwa engophethe ilayisense, imvume noma isitifiketi esicatshangwe nguMthetho, uzakulahlekelwa yilungelo laleyolayisense , imvume noma isitifiketi kanye nanoma yiliphi ilungelo laloko isikhathi esilingana nasinikezwe yinkantolo embophile noma ngokusho kwayo.
Ukulahlwa kokusansimbi okuyigugu a Ngokubanjwa kwanoma yimuphi umuntu ngecala noma ubugebengu obuphathelene nokusansimbi okuyigugu inkantolo ngokunikeza isigwebo ingabeka umthetho wokuthi okusansimbi okuyigugu kunikezwe umnini uma kunobufakazi obugculisa inkantolo ukuthi ngokwakhe.
Uma ngabe umnikazi wanoma yiyiphi imayini angagculisa inkantolo noma iphoyisa ngokuphathelene nokungenzeka kokuthi okusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe kunikezwe noma kunganikezwa umbuso ngokuhambisana nalesi sigaba, Umthetho Wezinqubo Zobugebengu ka-1977 Umthetho WeNo.51 ka-1997 noma yinoma yimuphi umthetho owamayinwa kuleyo mayini futhi wangalahla ngumnini mayini okusansimbi okuyigugu kumele kuphindiselwe kuloyo mnikazi.
Ngaphambi kokubuyisela nanoma yikuphi okusansimbo okuyigugu kunoma yimuphi umnini mayini ngokulandela isigatshana sesi-2 inkantolo noma iphoyisa lomthetho eliphathekayo lingadinga ukuthi loyo mnikazi ukuba akhiphe umbuso ngokuphathelene nezibizo zokusansimbo okuyigugu noma anikeze amagaranti ngokuphathelene naloku ngokufuna kwenkantolo noma iphoyisa elithintekayo.
Ukulahlekelwa ngokuphathelene nesigaba se-1 asitheleli ilungelo lomnikazi wokusansimbi okuyigugu noma omunye umuntu ngaphandle kwalowo oboshiwe angaba nako kuleyondawo elahlekayo, uma yena enelisekile inkantolo ephathekayo izofumna ukwazi ngokuthi yena wayengazi ukuthi indawo leyo yaysetshenziswa noma yayizosetshenziswa ngenhloso ephathelene nokwenziwa kobugebengu obuphathekayo nokuthi wayengakwazi ukuvikela ukusesthenziswa okunje.
Noma yimuphi umkhiqizi ongenisa okusansimbi okuyigugu kumele alethe Ku-Forensic Science Laboratory Yombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika izibonelo zanoma yikuphi okusansimbi akukhiqizile noma okungeniswe nguye ezweni njengoba kubekiwe.
Inhloko ye- Forensic Science Laboratory noma umuntu ogunyazwe yiyo kumele akhe agcine inqolobane yemininingwane equkethe ulwazi ngokuphathelene nokusansimbi okucatshangiwe esigatshaneni soku- njengoba kubekiwe.
i okuqukethwe okusansimbi okuyigugu ii ububanzi nobukhulu iii isisindo iv abakhiqizi abavunyelwe namanani v izimpawu ezidingekayo zokwazisa vi izinombolo zokurejista vii okokuvala okuvimbela ukuhlushwa nezetifiketi; kanye viii nokubonakala jikelele nokuqedwa.
i noma yini okumle kuchazwe ngokuphathelene nalo Mthetho; kanye j nanoma yiyiphi indaba encane noma eyisehlakalo yokuphatha inqubo edingekayo ukubekelwa ukusesthenziswa ngemfanelo noma ukuhanjiswa kwalo Mthetho.
Noma yimuphi umyalelo ocatshanwe kulesi sigatshana 1e, f kanye nog ngokuphathelene negolide, ungenziwa kuphela ngokuvumelana noNgqongqoshe Wezimali.
Noma yikuphi ukufaka isicelo sesitifiketi noma imvume okuthintekayo esigabeni se-143 Somthetho Wamalungelo Ezimayini ka-1967 ukuze kuvuswe ilayisense ngokulandela isigaba se-144 salowo Mthetho noma semvume yamajuwela ngokulandela isigana se-145 salowo mthetho ongaqediwe ngaphambi kokuba lesi sigaba sense okuthile, kumele uqedelwe njengokuthi waphakanyiswa ngokulandela imibandele eqondene yalo Mthetho.
Noma yisiphi isitifiketi, imvume noma ilayisense enikeziwe ngokulandela Umthetho Wamalungelo Ezimayini, ka-1967, futhi ibe isasebenza ngokushesha ngaphambi kosuku lokuqalisa kwalesi sigaba iyaqhubeka isebenze esikhathini enikezwe ngaso kanye naseminyakeni emibili emva kosuku lokuqalisa olunje, yinoma yikuphi okufishane kakhulu.
nOma yimuphi umuntu opfisa ukuqhubeka nanoma yimuphi umsebenzi ngokuphathelene nesitifiketi, imvume noma ilayisense ecatshanwe esigatshananeni se3 emva kokuphela kwesikhathi saleso sigatshana kumele afake isicelo esifanele sesetifiketi , imvume noma ilayisense ngokulandela umthetho lona ngaphambi kokuba uphelelwe yisikhathi.
Uma ngabe umuntu efake isicelo ngokuphathelene nesigatshana sesi-4 isitifiketi, imvume noma ilayisense okufakwe isicelo sayo ihlala isebenza kuze kube yisikhathi isicelo sibhekwa ngokulandela lo Mthetho.
Ngaphandle kokuba kuthulwe ngenye indlela kulesi sigaba, noma yini eyenziwa ngaphansi kwanoma yiyiphi imibandela echithwa yilo mthetho kumele ithathwe njengeseyenziwe ngaphansi kwemibandela eqondene neyalo Mthetho.
Lo Mthetho ubizwa Umthetho Wokusansimbi Okuyigugu, ka-2005, futhi uqalisa ukusebenza ngosuku oluzobekwa NguMongameli ngesimemezelo KuGazethi.
Umthethosivivinywa uhlose ukuchitha imibandela esele Yomthetho wamalungelo Ezimayini, ka-1991, kanye nokunikeza ukuthola, ubunikazi, ukuncibilikisa, ukucwenga, ukinikeza ubunini, ukusebenzisa nokulahla kokusanzimbi okuyigugu.
a Incazelo entsha " yokusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe" kuyaphakanyiswa. Ngokulandela incazelo ephakanyisiwe, okusansimbi okuyigugu okungasesthenzisiwe" kusho igolide ecwebile ukufika kuma-99,95% kanye neqembu lephulatinamu elicwebiswe laba ngaphezu kwama-99,90%. Amabha angamaminti awafakiwe encazelweni yokusansimbi okuyigugu okungasesthenzisiwe futhi kuphakanyisiwe kumthethosivivinywa ukuthi UNgqongqoshe Wamaminerali Namandla Kagesi, ngokuvumelana noNgqongqoshe Wezimali, bangenza imiyalelo ngokuphathelene nokukhiqizwa, izinga kanyenenani lamabha angamaminti.
b Incazelo " yokusansimbi okuyigugu okungabunjiwe ngokuphelele" kuyangeniswa. Ngokulandela incazelo ephakanyisiwe, okusansimbi okuyigugu okungabunjiwe ngokuphelele" kusho igolide ecwebile ukufika kuma-99,95% kanye neqembu lephulatuinamu elicwebiswe laba ngama-99,90%. Kuphakanyiswa ukuthi okusansimbi okuyigugu okubunjwe ngokungaphelele kulinganiswe ezingeni eliphansi kunokusansimbi okuyigugu okungasetshenzisiwe. Kuzkuba ngokuphikisana nezomnotho ukuncibilikisa okusansimbi okuyigugu kuphindele kube yisigaxa njengephesenti yegolide ukufika kuma-10% okungalahleka ngenkathi kuncibilikiswa.
d Umthethosivivnywa ufuna ukungenis ilayisense ewuhlobo olusha, ikakhulukazi ilayisense yobunini bokusansimbi okuyigugu. Le layisense izakutholakla esigabeni okunoma yisiphi sezimboni zokukhiqiza, ezifana nezimboni se-IT, izimboni ze-avionics, noma izimboni zezimoto ezisebenzisa okusansimbi okuyigugu okungasesthenzisiwe ukukhiqiza okwabathengi. Ilayisense yobunini bokusansimbi okuyigugu inganikwezwa kuze kube yisikhathi esiyiminyaka eyishumi. Abaphathi belayisense enjena bazovunyelwa kuphela ukuba babe nokusansimbi okuyigugu okungabunjwe ngokuphelele futhi akumele bagcine amarejista. Kodwa kuzomele bakhe izitatimende ezibonisa konke okusansimbi okuyigugu abakutholile nabakuthengisile. Umthethosivivnywa ufuna futhi ukuguqula igama lelayisensi yomsebenzi twokutholakala futhi libe yilayisense yokucwenga.
e Ngokuphathelene nokuhambisa okusansimbi okuyigugu, Umthethosivivinywa udinga kuphela ukuthi umuntu okuthuthayo loku okusansimbi okuyigugu abe nesitifiketi sokuqashwa ngomthumile sokusansimbi okuyigugu kanye nekhophi eqinisekisiwe yelayisense, imvume noma isitifiketi sothunyiwe.
Abeluleki Bezomthetho Bombuso kanye Nomnyango Wamaminerali Namandla Kagesui anombono wokuthi lo Mthethosivivinywa kumele kubhekanwe nawo ngokulandela inqubo emiswe yisigaba sama-75 Somthethosisekelo ngoba ayiqukethe mibandela elandela yinqubo ebekwe esigabeni sama-74 noma sama-76 esisetshenziswa Ngumthethosisekelo.
Abeluleki Bezomthetho Bombuso banombono wokuthi akudingekile ukuba kubhekise kulo mthethosivivinywa Embuthweni kaZwelonke Wamakhosi Endabuko ngokulandela isigaba se-18 (a) soMthetho Owuhlaka Lokubusa Lamakhosi Endabuko, ka-2003 (umthetho WeNo.41 ka-2003), ngoba awuqukethe imibandela ephathelene nemithetho yamasiko noma ukwenza ngokwesiko kwemiphakathi yamasiko.
